Yonke imidlalo ye-PSL ngempelasonto

2017-08-18 18:00

Cape Town – Kule mpelasonto iyaqala imidlalo yesizini entsha yomqhudelwano we-Absa Premiership ngemua kwekhefu.

Iningi lamaqembu belingazibekile phansi emakethe ngokuthenga abadlali abasha kanye nokukhulula labo abangasadingeki selokhu kwavuleka iwindi lokuthenga kanye nokudayiswa kwabadlali njengoba ezilungiselela ukuqala kwale sizini ebhekwe ngabomvu ka-2017/18.

Ngale kwabadlali, kuzobe kubhekwe nokuthi bazokwenza kanjani abaqeqeshi abahlukene abasanda kuqokwa emaqenjini ahlukene kanjalo nalabo abebevele bekhona.

OLUNYE UDABA: IStars isisayine obengumgadli weChiefs

Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates kanye neKaizer Chiefs, kulindeleke ukuba zibe ngaphansi kwengcindezi enkulu kule sizini njengoba nesizini edlule ize yaphela zingazange zithathe ngisho nesokubika isicoco.

IPirates yaqeda ingaphandle kwamaqembu angu-8 aphezulu kwi-log yePremiership kanti iChiefs neMamelodi Sundowns bona bathuse abantu abaningi bephuma ekuseni kumqhudelwano we-MTN8 ngempelasonto eyedlule.

ULWESIHLANU, AGASTI 18

Wits v Cape Town City FC - 20:00

UMGQIBELO, AGASTI 19

AmaZulu FC v Free State Stars - 15:00

SuperSport United v Mamelodi Sundowns - 15:00

Polokwane City v Baroka FC - 15:00

Orlando Pirates v Chippa United - 18:00

Ajax Cape Town v Golden Arrows - 20:15

ISONTO, AGASTI 20

Bloemfontein Celtic v Kaizer Chiefs - 15:00

Platinum Stars v Maritzburg United - 15:00

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...