'Yini emangazayo ngokuhlulwa kweChiefs'? - Kubuza uDe Sa

2017-12-08 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi wePlatinum Stars uRoger de Sa uthi ngeke azinake kakhulu izinkinga zeKaizer Chiefs ngoba naye unezinkinga kwiDikwena.

IStars izosingatha Amakhosi eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo kulandela ukunqoba ngo-1-0 bedlala nePolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku.

Ngalobo busuku iChiefs yehlulwa ngo-1-0 idlala neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, kanti sekuphele imidlalo emihlanu yehluleka ukuwina.

Ngemuva kokuthola ukuthi iChiefs yehluliwe, uDe Sa wabuza abezindaba ukuthi: "Yini entsha ngalokho? Niyamangala yini?"

Uphinde wathi: "Angazi ngempela ukuthi kwenzekalani ngamaqembu okuthiwa makhulu kuleli.”

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi likhuphukile izingane lebhola ku-Absa Premiership

Uthi empeleni amaqembu akuleli ayehluleka ukuqhubeka nomgqigqo wokuwina. Ulinganise nangeMazitzburg United obesekuphele imidlalo engu-8 kuyona yonke imiqhudelwano ingawini kodwa yashaya iCape Town City ngo-4-2.

“Ugcina uzibuza ukuthi le nto isebenza kanjani. Ngakho akumele uzikhathaze ngemidlalo edlule nangemiphumela yamanye amakilabhu."

Uphinde wathi iChiefs inezinkinga zayo kodwa naye unezakhe okumele akhathazeke ngazo, ngeke azikhathaze ngezeChiefs.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...