Wesule kungalindele muntu umqeqeshi welaseKZN

2017-10-06 14:03

Johannesburg - URoger Sikhakhane obeqeqesha iRichards Bay FC wesule isigubhukane kuleli qembu kulandela ukungenzi kahle kwalo.

Le kilabhu isiqoke obengumsizi wakhe, uSello Ntuli, njengebamba likamqeqeshi kule kilabhu edlala kuNational First Division.

"Kuyiqiniso, uRoger Sikhakhane wesulile," kusho uSihlalo wekilabhu uSifiso Biyela kwi-KickOff.com.

"Ukuya phambili, uSello Ntuli, obesizana noRoger, uyena ozoqhubeka nomsebenzi kusukela manje.”

OLUNYE UDABA: Uxwayisa iChiefs oweCeltic

USikhakhane udinsile izintambo emuva kokuba le kilabhu ithelwe ngesibhaxu sika-3-2 ngeledlule isekhaya.

Ngokubika kweLANGA, uSikhakhane kuthiwa usefuna ukugxila emabhizinisi akhe ahlinzeka ngezidingo ezahlukene uhulumeni okuthiwa uwabona eseqala ukushona phansi.

ILANGA lithole ukuthi uSikhakhane akazange alubhade ejimini yale kilabhu kusuka kuqale isonto kanti bekubhekwe lukhulu kuyena njengoba enyusele kwi-Absa Premiership iThanda Royal Zulu ngokuphela kwesizini nokho egcine ithengisele AmaZulu igunya lokudlala kulesi sigaba ikhala ngezindleko ezizobakhona njengoba ingenabo nje abaxhasi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...