Welule inkontileka umdlali weDowns
2017-12-11 14:00
Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso
Mosimane usekuqinisekisile ukuthi unozinti uKennedy Mweene usayine inkontoleka
entsha nale kilabhu.
'UJingles', kodwa akazange
adalule ukuthi usayine inkontileka yeminyaka emingaki
“UKennedy usesayinile,” kusho uMosimane
ngemuva kokuwina kweqembu lakhe ngo-1-0 lidlala neGolden Arrows ePrincess
Magogo Stadium KwaMashu ngeSonto.
OLUNYE UDABA: Uthi bazopaka ibhasi uma sebedlala neDowns
Lo nozinti oneminyaka engu-33
ubudala selokhu kuqale isizini ubengakaze adlale njengoba eqhubeka nokudlala
ebhentshini.
UMweene, owanqoba
isicoco se-AFCON ngo-2012 neZambia, usethatha izicoco ezimbili zeligi, eseTelkom
Knockout, Nedbank Cup, i-CAF Champions League nese-CAF Super Cup selokhu
ajoyina amaBrazilian esuka kwiFree State Stars ngoJulayi 2013.
- News24