VIDEO: Umiswe izinyanga ezingu-6 unondweba owakhahlela umdlali

2018-02-04 18:07

Paris - Unondweba uTony Chapron umiswe izinyanga eziyisithupha ngokukhahlela umdlali weNantes, uDiego Carlos, ngesikhathi bedlala neParis Saint-Germain (PSG) ngoJanuwari koweligi.

Unondweba wabonakala ekhahlela lo mdlali wasesiswini ngemuva kokushayisana naye wabe esewa phansi, ngaphambi kokuba amkhiphe ngekhadi elibomvu lo mdlali waseBrazil.

Saguqulwa isinqumo sikanondweba sokunika lo mdlali ikhadi elibomvu kanti iFrench Football Federation isithathele lo nondweba isinyathelo, yammisa izinyanga eziyisithupha, kodwa ingxenye yesigwebo silengisiwe.

OLUNYE UDABA: Namanje akaziwa Nxumalo - Umqeqeshi

Isitatimende esifushane sikaPascal Garibian, ongumqondisi wenhlangano yonondweba, uthe basibonile isinqumo seDisciplinary Committee of the Professional Football League.

"Uma sesiphelile isigwebo, uTony Chapron uzophinde abuyele kwi-DTA [inhlangano yonondweba eFrance] okuzobe sekusezandleni zayo ukumkhetha ukuba aphathe imidlalo yeligi.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...