VIDEO: UBolt uhalalisele uWayde van Niekerk

2016-08-15 10:00

Cape Town – Kuthe ngemuva nje kancane kokuthatha indondo yegolide kuma-Olympic ebangeni lika-100m, u-Usain Bolt waqonda ngqo kuWayde van Niekerk eyomhalalisela.

UVan Niekerk udle umhlanganiso egijima ibanga lika-400m.

Lo msubathi waseJamaica odume umhlaba wonke unqobe u-100m ngo-9.81.

UVan Niekerk ube esephula irekhodi lomhlaba ebese lidonse iminyaka engu-17 likaMichael Johnson, wanqobela iNingizimu Afrika igolide lokuqala kwezokusubatha eminyakeni engu-96.

UBolt ube esekhuphuka waya kuVan Niekerk wayomanga, embongela ngokuqopha umlando.

"Ngesikhathi ngiseJamaica u-Usain wangitshela ukuthi ngizolephula irekhodi lomhlaba. Ubengeseka kakhulu kukho konke futhi ungumuntu engibukela kuye kakhulu.

“Kuthe uma senginqoba weza kimina wathi ‘ngangitheni kuwena’,” kusho uVan Niekerk.

UVan Niekerk unanele ngokuthi angathanda ukuthola ithuba lokuqhudelana noBolt ngelinye ilanga.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...