Uzulelwa ngamanqa umqeqeshi welePSL

2018-01-12 12:32

Johannesburg - Umqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson kuthiwa uzulelwa ngamanqe kuleli qembu, njengoba liqhubeka nokungenzi kahle kwi-Absa Premiership.

Ngokwemithombo, imenenja yoSuthu uLunga Sokhela ayineme ngoJohnson kanti lokhu ukuzwakalise ngemuva iqembu lidliwe yi-Chippa United ngo-2-0 eKing Zwelithini Stadium ngeSonto eledlule.

Le kilabhu yaseKZN sekuphele imidlalo eyisikhombisa ingawini kanti kumanje ihlezi kunombolo 13 kwilogi. Yagcina ukuwina ngo-Okthoba nyakenye, ngesikhathi ishaya iMamelodi Sundowns.

Ukudliwa yizembe akuyona into ebayicabangayo abaphathi bale kilabhu  kwazise yathenga iThanda Royal Zulu ngemali elinganiselwa ku-R50 million.

OLUNYE UDABA: Uhlawuliswe u-R50k uBenni ngokubiza unompempe ngenkomo

“ULunga ubengeneme neze kanti ungene lapho kushintshela khona abadlali ngemuva komdlalo wazozwakalisa ukungenami kwakhe ngeSonto. Ngisho nabanye abadlali abeneme ngendlela enza ngayo njalo izinguquko esikwatini,” kusho umthombo ukhuluma neKickOff.com.

Umthombo uphinde wathi lo mqeqeshi unethezeke kakhulu kuleli qembu ngenxa yokuthi wasuke watuswa kakhulu ngesikhathi efika, nokuyinto ebulala ikilabu.

Ikilabu ayitholakalanga ukuba iphawule.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...