Uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe owe-MTN8 eThekwini - PSL

2017-10-12 14:09

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) isiqinisekise abathandi bebhola ukuthi umdlalo wamanqamu we-MTN8 uzoqhubeka njengoba kuhleliwe kulandela isiphepho esinamandla esihlasele eThekwini ngoLwesibili.

I-PSL iyagcizelela ekutheni kuzobe kudlaleka eMoses Mabhida Stadium yathi asikho isidingo sokungabaza kulabo abazimisele ukubuka iCape Town City idudulana neSuperSport United ngoMgqibelo.

"IPremier Soccer League ithanda ukuqinisekisa abathandi bebhola ukuthi umdlalo wamanqamu we-MTN8 uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo, mhlaka-14 Okthoba," kufundeka isitatimende.

"Kulandela izikhukhula eThekwini kuleli sonto, i-PSL ibilokhu ixhumana nabaphathi beMoses Mabhida Stadium ukuba bahlole le nkundla, ikakhulukazi lapho kuzodlalelwa khona.

"Iligi yenelisekile ngesimo senkundla kanti futhi umdlalo uzoqhubeka njengoba uhlelelwe ukuba uqale ngo-19:00."

Lesi sitatimende siphethe ngokukhumbuza abantu ukuthi amathikithi alo mdlalo asatholakala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...