Uzophothulwa umdlalo olandelayo umdlali wePirates

2017-02-10 18:00

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates selikuqinisekisile ukuthi uBrighton Mhlongo kuzodingeka ahlolwe ukuthi ulimale kangakanani njengoba sekuphoqeleke ukuba aphuthwe umdlalo wabo neMamelodi Sundowns.

Phambilini kubikwe ukuthi uMhlongo uzophuthwa yilo mdlalo ozobe useLoftus Versfeld ngemuva kokulimala bedlala nePlatinum Stars eRustenburg ngoLwesithathu.

U-Issa Sarr naye kulindeleke ahlolwe kuqala ukuthi uzobe ekulungele yini ukudlala njengoba ethole ukulimala bedlala neDikwena.

OLUNYE UDABA: Sibhekene nesikhathi esinzima - OwePirates

IBhakabhaka selikhiphe isitatimende esithi: “Unozinti uBrighton Mhlongo kulindeleke aphuthwe umdlalo we-Orlando Pirates olandelayo.

UMhlongo ukhishwe ungakapheli umdlalo ngesikhathi iPirates ibambana ngo-0-0 neDikwena emdlalweni wayo wokuqala wesigaba sesibili sesizini.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...