Uzophindwa umdlalo owawinwa yiBafana ngokungacacile

2017-09-07 09:31

Johannesburg - Umdlalo weBafana Bafana neSenegal wokuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2018 uzodlalwa kabusha, kusho i-FIFA.

ISenegalese Football Federation (FSF) yakhala ngonompempe uJoseph Lamptey kwi-CAF nakwi-FIFA ngezinqumo azithatha ngesikhathi behlulwa yiBafana ngo-2-1 ngoNovemba 12, 2016.

ULamptey waqale wamiswa izinyanga eziyisithupha yiCAF, kodwa ngemva kwalokho wayekiswa yi-FIFA unomphelo ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe.

Esitatimendeni i-FIFA ithe: 'IBureau for the FIFA World Cup Qualifiers iyalele ukuba udlalwe kabusha umdlalo weNingizimu Afrika neSenegala owawungomhlaka o12 Novemba 2016.

OLUNYE UDABA: UJele uyaxolisa ngesenzo sakhe

“Lesi sinqumo silandela esithathwe yiCourt of Arbitration for Sport (CAS) sokuqinisekisa ukuthi unompempe, uJoseph Lamptey, angaphinde abuyiselwe kulo msebenzi ngenxa yezinqumo ezabanomthelela ongemuhle emdlalweni, okuyisinqumo esasithathwe yikomidi eliqondiswa izigwegwe kwiFIFA.

“Umdlalo kuzomele udlalwe kabusha ngoNovemba 2017, kodwa usuku oluqondile luzomenyezelwa kungekudala.”

Lesi sinqumo sekulindwe ukuba siqinisekiswe yi-FIFA emhlanganweni ozaba ngoSepthemba 14.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...