Uzishaya isifuba umqeqeshi weBucs

2017-12-07 11:01

Durban - Ziya ngokuphela izithiyo kuMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqeshi we-Orlando Pirates esiqala ukubuyelwa yisithunzi kwi-PSL, kubika ILANGA.

IBucs iphenduke ihlaya kunobhutshuzwayo wakuleli ngesizini edlule ilotsholwa yiSuperSport United ngo-6-1 yaphinde yabhabhadiswa yiMamelodi Sundowns ngo-6-0 emidlalweni ye-Absa Premiership.

Le kilabhu iphinde yaqopha umlando omubi ihluleka okokuqala ukuqeda kwi-top 8 selokhu kwasungulwa i-PSL ngo-1996 njengoba igcine ilele kunombolo-11.

Ukufika kukaMicho ngokuqala kwesizini kuvule isahluko esisha njengoba isidlala ibhola elithembisayo futhi ibalwa namakilabhu asethubeni elihle lokunqoba isicoco seligi.

Lo mqeqeshi uthe enye yezinkinga ahlangabezane nazo efika kuleli - yokungawazi kahle amanye amakilabhu - isixazululekile.

“Nakuba ibhola laseNingizimu Afrika bengililandela ngesikhathi ngingakafiki kuleli kodwa bengingayibuki yonke imidlalo, kunamakilabhu ebengingalitholi ithuba lokuwabona.

OLUNYE UDABA: UPitso uthi uLebese sisamhlula isitayela seDowns

“Cishe manje sengiwazi wonke futhi nesitayela asidlalayo ngisibone kahle.

“Yingakho-ke ngikholwa wukuthi umzuliswano wesibili uzoshuba kakhulu ngoba ngizokube sengiliqinise nangendlela engifuna ngayo iqembu lami futhi nezimbangi zethu sengizazi kahle zonke izindlela ezidlala ngayo.

“Sinalo ithuba lokunqoba lesi sicoco seligi futhi nginomuzwa nje wokuthi sizosinqoba,” kusho uSredojevic.

Uthi okwenza umbango wesicoco seligi ubemnandi okwamanje ukuthi usavulelekile kuwona wonke amakilabhu ngisho nakulawa asemsileni.

Lo mqeqeshi ukhuluma kanjena nje, ezakhe zizodudulana namaZulu FC ngoMgqibelo ngo-20:15 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Ephawula ngalo mdlalo, uthi ubona uSuthu luzokuba yingozi, kodwa bazoya kulona beluhlomele.  

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...