Uzanyelwa inhlanhla ku-NFD odedelwe yiPirates

2016-08-19 10:01

Durban – URooi Mahamutsa osanda kufakwa amasondo yi-Orlando Pirates kubikwa ukuthi uzanyelwa iqembu nakulawo adlala kuNational First Division.

UMahamutsa, 34, iqembu lakhetha ukungayivuseleli inkontileka yakhe ngoba engekho ezinhlelweni zikaMuhsin Ertugral, kubika iSolezwe.

Kuthiwa lo mdlali uzamile ukuzicubuzela amagabade kuSihlalo weqembu u-Irvin Khoza, kepha kwangalunga.

OLUNYE UDABA: IPirates ikuqinisekisile ukuthi akaseyena umdlali wayo uMahamutsa

Abanye abadlali okuthusile ukudedelwa kwabo yiqembu kubalwa oLucky Lekgwathi, uLehlohonolo Majoro, Menzi Masuku kanye noSifiso Myeni.

Lowo obhekelele umsebenzi kaMahamusta, uMike Makaab uthe kuzoba nzima ukutholela lo mdlali iqembu ngenxa yeminyaka yakhe, wathi kodwa ngeke badikibale.

Lo mdlali wajoyina iPirates ngo-2008.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...