Uyohlale eyingxenye yomlando weDowns uCastro - Pitso

2017-12-18 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uncome amagalelo kaLeonardo Castro ngemuva kokuba lo mgadli eshiye amaBrazilian ngempelasonto.

UCastro, inkontileka yakhe neSundowns ezophelelwa yisikhathi ngoJuni wangonyaka ozayo, amabombo uzowabhekisa kwiKaizer Chiefs ngoJanuwari.

Lo mdlali waseColombia uhlangane nabadlali beDowns ngemuva kokuba leli qembu lishaye iBloemfontein Celtic ngo-4-1 eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ezovalelisa.

OLUNYE UDABA: Iyalilimaza ibhola lakuleli indaba yokupaka ibhasi - Pitso

UMosimane uthi "uLeo" uzohlale eyingxenye yomlando wekilabhu ngemuva kokuyisiza ekuthatheni isicoco seligi kumasizini amabili edlule.

“ULeo wayeyingxenye enkulu yethu siqoqa amaphuzu angu-71, wasisiza sathatha iligi. Wadlala ingxenye yemidlalo yeChampions League kodwa akabange esadlala emidlalweni yamaqoqo,” kusho uMosimane.

“Ungasho futhi ukuthi uyena owafaka ibhola laseSouth America kithina. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu namanje kusenjalo futhi.

“Akekho ongakhohlwa amagalelo akhe kwi-CBD.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...