Uyabuya umdlali wakuleli obekulindeleke ajoyine elaphesheya

2017-08-27 10:25

Johannesburg - I-Ajax Cape Town isikuqinisekisile ukuthi ushaya ibuya uRivaldo Coetzee ngemuva ukuhlolwa kwesimo sempilo okungabanga yimpumelelo eqenjini laseScotland elingiompetha beligi, i-Glasgow Celtic.

I-Ajax ikhiphe isitatimende kwi-website yayo esithi: “Kulandela ukuhlolwa kwesimo sempilo okujwayelekile okwenziwe yiCeltic kutholakale ukuthi unyawo lwakhe lwangakwesokudla lunenkinga. Ngaleyo ndlela womabili amakilabhu awakwazanga ukufinyelela esivumelwaneni ngenxa yale mininingwane esivelile. Umdlali usezobuyela kwi-Ajax Cape Town ukuze nayo imhlole kabanzi.

OLUNYE UDABA: Usethandazela ukutakulwa wuSuthu ongasafuni ukudlalela iPirates

"Kuze kube manje inkiga anayo ayimphuthiselana ngamdlalo eqenjini lakhe noma kwelesizwe. I-Ajax Cape Town ingakuqinisekisa ukuthi yona ibingazi ngenkinga engaphazamisa ukuba ajoyine iCeltic.

"Sidumele ngokuthi isivumelwano asisaphothulwanga manje kodwa iqembu lizimisele ngokumnakekela umdlali ukuze ezolulalama."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...