Uxwayisa iPirates uKudakwashe Mahachi

2017-10-25 12:31

Durban - I-Orlando Pirates izothwala kanzima kowe-Telkom Knockout ozoba KwaMashu ngoMgqibelo, kusho umdlali weGolden Arrows uKudakwashe Mahachi.

I-Arrows izosingatha iBhakabhaka ngo-15:30 ePrincess Magogo Stadium kulo mqhudelwano.

Abafana Bes'thende ngesizini edlule behlulwe emidlalweni emithathu kwemine bedlala neBhakabhaka kuyona yonke imiqhudelwano abayidlala.

UMahachi uthi ezikaClinton Larsen zizimisele ngokuziphindiselela ngokukhishwa kwazo yiPirates kulo mqhudelwano ngesizini edlule.

“Kwi-MTN8 [kuma-quarter-finals] sehlulwa yiBidvest Wits kumaphenathi, kodwa sadlala kahle kanti manje sesinelinye ithuba lokudlala komunye umqhudelwano ne-Orlando Pirates,” kusho uMahachi etshela iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: UTinkler uthi abakasinqobi isicoco se-CAF

“I-Orlando Pirates iyikilabhu enkulu eNingizimu Afrika, kodwa ngeke sibenzele lula izinto ngoba siyikilabhu encane.

“Kwababuhlungu sehlulwa yibona ngesizini edlule kuwona lo mqhudelwano, kodwa sizimisele kulokho ngokuphendula amatafula.”

I-Arrows iyona kuphela engakehlulwa kwi-Premiership kule sizini njengoba ilandela ngephuzu elilodwa iBaroka ehlezi esicongweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...