Uxwayisa iChiefs oweCeltic

2017-10-05 14:00

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weBloemfontein Celtic uJacky Motshegwa uthi awukho umdlalo wesihle phakathi kwePhunya Sele Sele neKaizer Chiefs.

La maqembu azotholana phezulu emqhudelwaneni weMacufe Cup eFree State Stadium ngeSonto, kanti iSiwelele sizobe sifuna ukuziphindiselela kulandela ukuthola isibhaxu sika-4-1 ngonyaka odlule.

Nakuba lo mdlalo uzodlalwa ngesikhathi sekhefu le-FIFA, uMotshegwa uthi bazobe befuna ukubuyisa izinduku.

OLUNYE UDABA: Ingase ingene ehlazweni iBafana Bafana

“Indlela esadlala ngayo ngesizini edlule ayigculisanga neze futhi sabenzela phansi kakhulu abalandeli bethu abagcwalisa inkundla, ngakho lokhu kumele kulungiswe ngokuthi sidlale ibhodla elihle elihambisana namagoli,” esho kwi- website yeCeltic.

“Yithina abazobe besingethe lo mdlalo ngakho kulindeleke ukuba sidlale into ephezulu, sibuyise okungokwethu.

“Ngeke siyithathe kancane iChiefs; kodwa, amalungiselelo ethu ahambe kahle futhi wonke umuntu ufuna ukudlala ngokuzimisela ngoba awukho umdlalo wobungani phakathi kwalamakilabhu.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...