Uxwayisa abadlali basemuva beChiefs oweBaroka

2018-01-21 10:44

Johannesburg - Umgadli weBaroka uLewis Macha uxwayise abadlali basemuva beKaizer Chiefs uDaniel Cardoso no-Erick Mathoho ngokuthi kuzomele baqaphele ngeSonto uma befuna ukumnqanda angakori.

UMacha washaya igoli ngesikhathi iBaroka ishaya iChiefs ngo-2-1 eFNB Stadium emdlalweni weligi ngoSepthemba, kulandela ukujoyina iBakgaga ekuqaleni kwesizini ngemuva kokwehluleka ukuthola ijezi esikwatini sikaSteve Komphela.

Lo mdlali uthi kuyamjabulisa ukubhekana naleli qembu ayelidlalela. Umdlalo uzoba seLimpopo, ePeter Mokaba Stadium (15:30).

"Ukukorela iChiefs...kungumuzwa omnandi kunayo yonke,” kusho uMacha ekhuluma neKickOff.com.

OLUNYE UDABA: UTau uthi akazi noma usekulungeke yini ukudlala e-Europe

"Umsebenzi wami ukushaya amagoli. Kumnandi yazi ukushaya igoli udlala neqembu owawulidlalela.”

Uthi unesiqiniseko sokuthi uzolishaya igoli kulo mdlalo futhi.

“Ngake ngadlala nabo cishe unyaka wonke, ngakho ngiyabazi kancane. Ngizobahlonipha kodwa angeke ngibesabe. Yibona okumele bengisabe, uCardoso noMathoho, ngoba ngokwedlule ngakora. Ngakho kulokhu kuzomele bangisabe. Uma belala futhi ngizobaphinda.”

UMacha wahamba kwiChiefs engakaze ashaye goli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...