Uvele wahleka besatshiswa ngamagoli amane

2017-02-22 16:02

Johannesburg - Umdlali weBidvest Wits, uThabang Monare, uvele wahleka ezwa uKgoloko Thobejane ethi iBaroka izoshaya amagoli amane uma isibhekene neziTshudeni namhlanje ebusuku.

IWits ilwela isicoco, kanti iBakgaga – emise umqeqeshi wayo – ilwela ukusuka emsileni weligi.

Kodwa noma kunjalo, lokhu akumvimbanga uThobejane ekugcizeleleni ukuthi iWits izothola isibhaxu phambi kwabalandeli bayo emdlalweni ozobe useBidvest Stadium nokulindeleke uqale ngo-19:30.

OLUNYE UDABA: Umengameli weCAF akethukile ngokuphonselwa inselelo 

UThobejane utshele iKickOff.com ukuthi: "Kuthina abalona iqembu elinzima. Alikho iqembu esilesabayo. Iqembu esilesabayo yiBaroka FC kuphela. Abafana esinabo phambili abalesabi ipali. IWits singayishaya kalula ngo-4-0.

“Ngesikhathi sigcina ukudlala nabo lapha [ePolokwane] sasiphezu kwabo umdlalo wonke. Sehluleka ukusebenzisa amathuba kodwa ngeke kwenzeke lokho kulokhu. Kulokhu ngiphethe uMaboke Matlakala noJose Garcia."

UMonare uvele wahleka ezwa lokhu, wathi: “Uthi bazoshaya amagoli amane? Kuhlale kukuhle kodwa ukuba nemicabango emihle ngomdlalo. Ngeke umsole ngalokho.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...