UTshabalala uyavuma ukuthi kusinda kwehlela

2016-12-13 08:16

Johannesburg - Inkakha yeKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala iyavuma ukuthi babhekene nesikhathi esinzima, kodwa bazimisele ngokulungisa izinto uma sebedlala neBloemfontein Celtic ngoLwesithathu.

AmaKhosi anqobe umdlalo owodwa vo kwengu-9 eyedlule kuyona yonke imiqhudelwano, kanti kumanje alele endaweni yesikhombisa kwi-Absa Premiership.

Umdlalo wabo olandelayo bazowudlala neCeltic elele kunombolo-12, kanti uShabba uyazi ukuthi nakanjani kuzomele bawine kulokhu.

OLUNYE UDABA: IDowns noPitsho bangase bawine izindodo ezinkulu kwi-CAF

“Kubalulekile ukuqoqa amaphuzu kule midlalo,” kusho esthela izintatheli.

“Akumnandi ukulahla amaphuzu amaningi kangaka, kodwa kuzomele siqhubekele phambili.”

Umdlalo weChiefs neCeltic uzoba se-FNB Stadium ngolwesithathu kanti kulindeleke uqale ngo-19:30, kubika iKickOff.com.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...