Uthungatha ikilabhu owayengumdlali weDowns

2018-02-08 14:01

Johannesburg - Owayengumdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uzimisele ngokuvuselela ikusasa lakhe ebholeni ngokuthi athole iqembu elisha kule sizini.

ISiya Crew ibikelwe ukuthi uDoctor Mampuru njengamanje uthungatha iqembu elisha azolidlalela kulesi sigaba sesibili sesizini.

Lo mdlali wasemuva sekunesikhathi eside agcina ukubonakala edlala ibhola. Wagcina ukubonakala kwi-PSL esadlalela iMpumalanga Black Aces ngo-2015.

OLUNYE UDABA: I-SAFA ithi ngeke aphinde adlalele iqembu lesizwe uSerero

“UDoctor Mampuru – owayengumdlali weMamelodi Sundowns – ufuna ukubuyela esigabeni esiphezulu ngenhloso yokuvuselela ikusasa lakhe ebholeni.

“Lo mdlali uzilolonga yedwa okwamanje njengoba abantu abamsizayo ngokumbhekela iqembu besaqhubeka nomsebenzi wabo. Kungaba yikilabhu edlala ku-PSL noma ku-NFD. Lo mdlali ufuna ukubuyela ensimini,” kusho umthombo.  

UMampuru, 25, uke wadlalela iChippa United phambilini. Ithalente lakhe lavundululwa yiDowns.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...