Uthole okukhulu ukugxekwa unompempe ‘omoshele’ iqembu lePSL

2017-05-15 16:03

Cape Town – Unompempe uVictor Gomes ushabalalise amathemba eBaroka FC okuhlala esigabeni se-Absa Premiership ngemuva kwezinqumo azithathile ezishiye abaningi benemibuzo ngesikhathi leli qembu ligcina lishaywa yiGolden Arrows ngo-3-2 ngoMgqibelo.

UGomes ushiye ibhentshi leBaroka liveva nalapho iningi labalandeli lichaze izinga lomsebenzi wakhe njengeliphansi kakhulu kwi-PSL.

OLUNYE UDABA: Isikhulu seqembu sikhwele sadilika kuPitso Mosimane

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-34 ubudala uqale wanika iBaroka ithuba lokusinda emlonyeni wengwenya ngokuyinikeza iphenathi eshiye imibuzo ngesikhathi unozinti we-Arrows, uNkosingiphile Gumede, ebambe ibhola nalapho kusolwe khona ukuthi “idolo beliphakeme”.

URichard Matloga ube esethi ubonwa yini, wavalela leli goli enethini, kodwa uGomes wavele walichitha leli goli ngesizathu esingachazeki ngenxa “yokungena endaweni okungafanele abe kuyona” – ekubeni bekungekho muntu ngempela obengaphakathi ebhokisini.

Lo mdlalo okungene kuwo amagoli amahlanu ubugutshuzelwe yizinqumo zikanompempe ezishayisa amakhala kanti ungaba nomthelela wokuthi iBaroka FC igcine isidliwe yizembe.

Kuyimanje iBaroka FC ihleli emsileni we-log yePSL kanti isisalelwe yimidlalo emibili nje kuphela.

Iqembu elizoqeda lisemsileni lizodliwa yizembe, bese lidlala esigabeni seNational First Division (NFD) bese kuthi iqembu elibe sendaweni yesibili uma usuka emsileni lona libe yingxenye yamaqembu azodlala imidlalo yama-play-off nalapho lizodlala khona namaqembu amabili azoqeda esendaweni yesibili kanye neyesithathu kwi-NFD.

Abalandeli abebethukuthele beveva babe sebezwakalisa ilaka labo ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngokushaya udaka kukaGomes kanjalo nezinga eliphansi lonompempe bakuleli. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...