Uthole okukhulu ukunconywa uCaster Semenya ewina eyegolide

2017-08-14 12:32

Cape Town - UCaster Semenya ube nesonto elinzima ngaphambi komzuliswano wamanqamu webanga elingu-800m ngeSonto ebusuku.

Usaziwayo ezinhlakeni zezindaba ohlale esematheni waseBritain, uKatie Hopkins, ususe omkhulu umsindo kuTwitter ngemibhalo elandelanayo ayifake khona ebisola ukuthi abunakho ubulungiswa ukuthi uSemenya, onezinga eliphezulu le-testosterone okuneningi labantu besifazane, ukuthi abambe iqhaza emqhudelwaneni.

Abantu baseNingizimu Afrika bamphendulile uHopkins ngoMgqibelo bevikela uSemenya, kanti nangesikhathi lo msubathi oneminyaka engu-26 ubudala ewina indondo yegolide kumqhudelwano wamanqamu webanga elingu-800m kuma-World Athletics Championships, uthole ukwesekwa ezinhlakeni eziningi.

OLUNYE UDABA: Ngingowesifazane, ngichama njengowesifazane - Caster Semenya

Lokhu kusho ukuthi uSemenya uzohamba eLondon enezindondo ezimbili ngemuva kokunqoba indondo yethusi emqhudelwaneni wabesifazane webanga elingu-1 500m.

USemenya  ubonakale sengathi usekujwayele ukubhekana nabantu abafana noHopkins kanti ufake umyalezo kuTwitter ngoMgqibelo, nobukeka uyimpendulo kulokho obekwenzeka.

“Ungeze wakwazi ukulawula sonke isimo kanye nomphumela waso, kodwa ungayilawula indlela ocabanga ngayo ngakho kanye nokuthi ubhekana kanjani nakho,” umbhalo kaSemenya ufundeka kanjalo kuTwitter. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...