UThobejane uzosiphikisa isinqumo seBaroka sokumxosha

2018-03-07 16:01

Cape Town - Lowo obengumqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane uthi uzimisele ngokusiphikisa isinqumo sekilabhu sokumfaka amasondo ngemuva kwezinsolo zokuthi wayephuza ebhasini lekilabhu ngemuva kokwehlulwa yiFree State Stars ngasekuqaleni kwale sizini.

Ukaputeni u-Olaleng Shaku nonozinti u-Oscarine Masuluke nabo bamiswa kulandela izinsolo zokunkunka utshwala ngemuva kokuthi iBakgaga ishaywe ngo-2-0 yi-Ea Lla Koto ngoFebhuwari.

UThobejane ugcine ngokudatshulelwa inkontileka nguSihlalo wekilabhu uKhurishi Mphahlele yize ebengekho esithangamini sokumqondisa izigwegwe sokuqala ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Omunye futhi umqeqeshi osekhonjwe indlela kwi-PSL

Ekhuluma neKickoff, uthe: "Ngithole incwadi engazisa ngokuxoshwa kwami namhlanje. Besingekho isikhathi semibuzo. Bavele bakunikeze incwadi nje bese bekutshela ukuthi uxoshiwe, bese kuba kuwena ukuthi uthatha ziphi izinyathelo.

"Nisazongibona nje, ngizele ibhola lapha futhi sengingajoyina noma yiliphi iqembu manje. Akukho engingakusho ngaphandle kokuthi bathathe isinqumo abebebona ukuthi sifanele, kepha ngizoqhubeka nokufuna umsebenzi yize ngizimisele ngokusiphikisa lesi sinqumo.

"Kumele ngisiphikise. Bazoba khona abantu abazongimela njengoba mina ngizobe ngisafuna umsebenzi.

"Kukhona abantu abasebenza ngokukhulumela abanye abantu, yibo-ke labo abazongikhulumela. Ngenxa yokuthi ngiyasiphikisa isicelo akusho ukuthi sekumele ngihlale ngisonge izandla."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...