UThobejane uthi abayesabi iPirates

2017-04-24 19:30

Johannesburg - Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane uthi akukho akusabayo ngaphambi komdlalo wabo ne-Orlando Pirates, kulandela ukudlala kahle kweBhakabhaka kwiNedbank Cup.

IBaroka ifike eGoli ngoMgqibelo kanti bonke abadlali bayo bebese-Orlando Stadium bebukela iPirates ishaya iBloemfontein Celtic ngo-2-1.

Nakuba lo mphumela usho ukuthi iBhakabhaka isidlale imidlalo emithathu ingehlulwa, uThobejane akagculisekile futhi akumethusi lokho.

"NgoMgqibelo, ngiye e-Orlando [Stadium] ngiyobukela umdlalo nokubona ukuthi badlala kanjani,” kusho uThobejane etshela iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe 'oklinye wabulala' indodana eThekwini

"Ngikholwe uma ngithi indlela ePirates edlala ngayo, ayisethusi. Kuzomele nje sihlasele. Uma singahlaseli bazosilimaza.”

UThobejane uthi ukwehlulwa kwabo ngo-3-1 emdlalweni weligi odlule, bedlala neMaritzburg United, uzobakhuthaza ekutheni balungise izinto uma sebebekene nama-Sea Robbers.

IBakgaga izodlala nePirates e-Orlando Stadium ngo-19:30 ngoLwesithathu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...