UThobejane umile kwelokuthi iBaroka izonqoba isicoco se-Absa Premiership

2017-11-02 19:28

Johannesburg - Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane usephinde amagama akhe okuthi ezakhe zizosinqoba isicoco sePremiership kule sizini.

UThobejane waphenduka inhlekisa ngesikhathi esho into efanayo ngemuva kokuba iBakgaga ibengompetha be-NFD ngesizini ka-2015/16, kanti bazovika izembe.

Kodwa iBaroka manje ihlezi esicongweni seligi ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyishumi, futhi isazodlala kuma-quarter final eelkom Knockout neBidvest Wits ngoMgqibelo ebusuku eGoli.

Nakuba umqeqeshi weMamelodi Sundowns exwayise ngokuthi amaqembu amakhulu asazokwenza kahle ngokuqhubeka kwesizini, uThobejane umile kwelokuthi bazoqhubeka nokuqhwakela esicongweni.

OLUNYE UDABA: UKomphela uncoma indlela adlala ngayo 'uMido'

“Sisahlezi phezulu futhi sizoqhubeka nokuhlala khona…kumnyama kubomvu,” kusho uThobejane etshela izintatheli ngemuva kokuba ezake zidlale ngokulingana noSuthu eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku. 

“Iningi labafana esinabo kule sizini sasinabo nangesizini edlule. Sebeqinile, banethalente futhi linjalo-ke nje ibhola.

“Abanye bathi siyisambulela, kodwa ngithi sihlezi lapha ngeke sisuke…sizosinqoba [isicoco seligi].”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...