Uthi uphathiswa okwesigebengu umqeqeshi olinde isinqumo se-PSL

2017-04-11 18:00

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uLuc Eymael ubona sengathi uphathiswa okwesigebengu njengoba lungakaphothulwa namanje udaba lwakhe nePolokwane City.

ICity yamangalela u-Eymael kwi-Dispute Resolution Chamber yePSL ngemuva kokuba esulile kuleli qembu ngenyanga edlule, ngokuphazima kweso wajoyina iPhunya Sele Sele.

I-DRC bekulindeleke isinqumo isikhiphe ngoMsombuluko, kodwa lokho kwangenzeka.

U-Eymael, uma kudlala iqembu lakhe iCeltic, akavumelekile ukuhlala ebhentshini, kanti umdlalo wabo olandelayo bazowudlala neKaizer Chiefs eDr Molemela Stadium ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Komphela: Kumele ajele umqeqeshi we-Acornbush

"Ukukhishwa kwesinqumo kuphinde kwahlehlwiswa…sekuthathe isikhathi eside kakhulu manje,” kusho u-Eymael kwiKickOff.com.

"Ngabe ngiyisigebengu yini? Mina angikaze ngiboshwe. Sekungaphezu kwamandla ami manje lokhu, impela kuyesinda. Sekungathi manje ngiyisigebengu.

"URoger [de Sa] wesule kabili, akukaze kubenenkinga. UMiddendorp useke wesula naye, akukaze kubenazinkinga. [noMuhsin] Ertugral ngokunjalo, akukaze kunenankinga. Inkinga yimina, kungani vele?"

Lo mqeqeshi uthi akasazi manje ukuthi lolu daba luzophinde lulalelwe nini.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...