Uthi ukulungele ukuthatha izintambo zokuqeqesha uMashaba

2017-09-05 09:31

Johannesburg - Lowo owayengumqeqeshi weBafana Bafana u-Ephraim “Shakes” Mashaba uthi ukulungekele ukuqeqesha ezingeni lamakilabhu, e-Afrika noma kwi-PSL.

“Ngilindile, kungaba kwi-PSL noma ngaphandle kwakuleli. Nakanjani ngizowuthatha umsebenzi,” kusho uMashaba,67.

Uthi ukulungele ukwenza umsebenzi wansuku zonke ebholeni.

“Alikho izinga engingakaze ngiqeqeshe kulona futhi ngamava enginawo ngiyakholelwa ukuthi ngingenza kahle kwi-PSL, noma kwenye indawo,” kusho uMashaba.

UMashaba akanawo nje kuphela amava okuqeqesha kuleli, useke waqeqesha naSwaziland ngo-2008-10.

UMashaba wagcina ukuqeqesha iBafana ngesikhathi yehlula iSenegal ngo-2-1 emidlalweni yokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba ePeter Mokoba Stadium, eLimpopo ngomhlaka 12 Novemba 2016.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owePirates ngokwephula umthetho womgwaqo

Wamiswa ngezizathu zokungaziphathi kahle ngemuva kokuwina. Ngemva kwalokho waxoshwa yiSAFA ngasekuqaleni konyaka.

UMashaba uthe lesi sigameko samlimaza kakhulu waze wacabanga nokuyishiya indaba yebhola.

“Ngangifile, ibhola laseliphumile kimi ngemva kwento eyenzeka,” esho.

“Kodwa manje ngithanda ukubonga iNedbank ngokuza kimina. Ngesikhathi sisenkanjini ne-Ke Yona Team lube selubuya uthando lomdlalo,” kusho umqeqeshi weKe Yona Team.

Uthe angase athathe noma ngabe yiphumi umsebenzi awutholayo.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...