Uthi ukukhala ngeke kubasize ngalutho umqeqeshi wePirates

2018-03-15 18:00

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uyavuma ukuthi iqembu lakhe lidumele kakhulu ngokukhishwa koweNedbank Cup, kodwa uthi ngeke kumsize ngalutho ukulokhu ekhala ngakho.

IBhakabhaka lishaywe ngo-1-0 yiCape Town City eCape Town Stadium, ngegoli lika-Ayanda Patosi alishaye ngomzuzu wesibili.

“UMicho” umile kwelokhu uyifunde kahle iCitizens ngaphambi komdlalo, kodwa kwangasiza ngalutho ekugcineni.

“Ngesikhathi sizilungiselela umdlalo, cishe ngesonto eledlule, sizamile ukugxila kukhona konke esingakulindela emdlalweni,” etshela izintatheli sekuphele umdlalo.

OLUNYE UDABA: IPirates ikhishwe ekuseni koweNedbank Cup

Uthi umdlalo nokho ungawulungiselela noma ikangakanani, kodwa ukumangaze ekugcineni.

“Bekumele sifake igoli ngesiwombe sokuqala, kanti futhi uma ngicabanga kahle, sibavumelile ukuba beze kithina.

“Ngeke ngikhale kakhulu – ngizoqhubeka nokuba yimina, yikilabhu yethu lena, yona le eyehlula iKaizer Chiefs.”

Uthi uma izinto zihamba kahle kabahambeli phezulu, kanjalo futhi uma izinto zibheda, kabaliphonsi ithawula, baqhubekela phambili.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...