Uthi ufuna ukwenzisa okwabadlali bangakubo ababedlala iPirates umdlali omusha

2017-09-27 14:14

Johannesburg - Umdlali omusha osayiniswe yi-Orlando Pirates, uJustin Shonga, uthi ufuna ukuhamba ezinyathelweni zozakwabo baseZambia uPerry Mutapa no-Isaac Chansa kwiBhakabhaka.

IPirates namhlanje ngoLwesithathu iqinisekise izindaba zokuthi isayinise lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala.

Lezi zindaba ziqale zavezwa kancane uSihlalo wePirates u-Irvin Khoza ngesikhathi kumenyezelwa inkampani yakwaFord njengabaxhashi abasha balezi zinkunzi zaseSoweto ngoLwesibili.

UShonga, kwi-website yePirates, uthe: “Kuyangijabulisa ukuba lapha."

Uthe lesi yisinqumo esihle asithathe ngekusasa lakhe ebholeni nangezinto azifisayo.

OLUNYE UDABA: IPirates ifuna umgadli wokufika

“Ngingathanda ukwenzisa okwabadlali baseZambia abenza kahle kule kilabhu abafana noPerry Mutapa kanye no-Isaac Chansa.”

UShonga, ozogqoka ijezi namba 27 kuleli qembu, ubedlalela iNkwazi FC ezweni lakubo.

Lo mdlali weChipolopolo ufika eMayfair ngenhloso yokwehlisa ingcindezi kuThamsanqa Gabuza kulandela ukuhamba kukaTendai Ndoro ojoyine iqembu laseSaudi Arabia, i-Al Faisaly, ngo-Agasti.

-KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...