Uthi ngeke akukhohlwe akwenzelwa yiCheifs

2017-12-04 19:20

Johannesburg - USandile Zuke namanje usagcwele ukubonga kodwa kwiKaizer Chiefs ngokumnikeza ithuba lokudlala ibhola esigabeni esiphezulu.

Lo mdlali weChippa United waqala ukudlalela iChiefs esemncane ngo-2007.

UZuke useke wadlalela amakilabhu ehlukene, ikubalwa kuwona iMpumalanga Black Aces neBidvest Wits.

NgoMsombuluko, ngaphambi komdlalo weChippa neChiefs, uZuke ubonge Amakhosi ngokumnikeza ithuba lokudlala.

OLUNYE UDABA: UMkhwanazi uphika amahlebezi ngeChiefs

“Ngiyohlale ngibonga ngethuba engalinikezwa yiKaizer Chiefs ngisakhula. Njalo uma ngibhekene nayo kodwa ngihlala ngifuna ukuwina uma kuphela umdlalo,” kusho uZuke kuChippa.

IChilli Boys izobhekana neChiefs kowe-Absa Premiership ozoba seNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...