Uthi ibhola lakhe ngathi libuyela emuva oweChiefs

2016-01-21 11:32

Johannesburg - Umdlali weKaizer Chiefs, uGeorge Maluleka, ucabanga ukuthi ubuyela emuva manje uma kuqhathaniswa nangesizini edlule.

'UMido' ijezi ubevame ukulithola ngesikhathi kusaqeqesha uStuart Baxter ngesizini edlule kodwa izinto azimhambeli kahle kule sizini.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uyehluleka ukuzinza ngaphansi komqeqeshi omusha uSteve Komphela kanti manje lo mdlali usedalule ukuthi ibhola lakhe ngathi libuyela emuva kunokuya phambili.

Funda nalolu daba: Sekuphelile ukuqagula ngekusas alikaBongani Zungu

“Ngingakusho lokho. Wonke umdlali ufuna ukuqhubeka nokudlala ngemuva kokudlala kahle ngesizini edlule, kodwa okumele ngikwenze manje ukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, ngisebenzise ithuba engilitholayo,” kusho uMaluleka kwiSoccer Laduma.

“Wonke umuntu uyanikwa ithuba okubalulekile ukuthi ulisebenzisa kanjani. Ngifuna ukudlalela iqembu lesizwe kodwa lokho kuzomele kuqala ngokuthi ngidlale kahle eqenjini lami.”

“Angikalilahli ithemba futhi ngiyazi ukuthi uma ngidlala kahle kwiChiefs, ithuba lami lizofika.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...