Uthi akukho okutheni akwaziyo ngebhola lakuleli umqeqeshi omusha wePirates

2017-02-20 12:31

Johannesburg - Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, seziqoke uKjell Jonevret njengomqeqeshi wazo omusha.

UJonevret, 54, uthatha izintambo kua-Augusto Palacios, obebambe izintambo kusukela ngoNovemba ngonyaka odlule ngesikhathi uMuhsin Ertugral eshiya kulandela ukubhaxabulwa ngo-6-1 yiSuperSport United.

“Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ngilazi kahle ibhola laseNingizimu Afrika, kodwa nginabangani abambalwa lapha.

“Ngiyamazi uStuart Baxter, ikakhulukazi ngesikhathi esaqeqesha iBafana Bafana,” kusho uJonevret, osebenze ezweni lakubo waphinde wachitha iminyaka emihlanu esebenza eNorway.

USihlalo weBhakabhaka u-Irvin Khoza umemezele lo mqeqeshi omusha esithangamini sabezindaba eRand Stadium ongoMsombuluko ekuseni, waphinde wathi umsizi kamqeqeshi uBradley Carnell usehambile eMayfair njengoba eseyosebenza phesheya kwezilwandle.

OLUNYE UDABA: OwePirates uthi inkinga yenhliziyo waqala ukuyizwa bedliwa yiDowns

UJonevret ubeqeqesha iViking yaseSweden ngaphambi kokuba igoda ligqabuke ngasekupheleni konyaka odlule.

UJonevret uke waqeqesha neDjurgardens IF phakathi kuka-2004 no-2006 kanti ngaleso sikhathi uke waqeqesha noSiyabonga Nomvete ngaphambi kokuba lo mdlali ajoyine iPirates esebuya phesheya.

IBhakabhaka lilele endaweni yeshumi ku-Absa Premiership ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-17.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...