UTevez usayinwe ngesizumbulu yiqembu laseChina

2016-12-29 14:30

Shanghai – Isikhwishikhwishi somdlali wase-Argentina, uCarlos Tevez, usebe ngumdlali wakamuva ukusayinwa ngesizumbulu semali njengoba esesayine neqembu laseChina, iShanghai Shenhua, ngokusho kwaleli qembu ngoLwesine.

Ukuthengwa kwalo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala yiqembu yiBoca Juniors “kuzothuthukisa kakhulu” iShenhua phambili, ngokusho kwaleli qembu enkundleni yezokuxhumana eqinisekisiwe.

Leli qembu lichaze lo mdlali njengomgadli ovelele kunabo bonke emlandweni wase-Argentina laphinde lathi lilindele ukuthi alilekelele kakhulu ekugadleni.

OLUNYE UDABA: Angase ohole kakhulu kunabo bonke ofunwa yiqembu laseChina

Yize noma leli qembu lingadalulanga ukuthi lo mdlali uthengwe ngamalini kodwa abezindaba e-Argentine babika ukuthi uzothola u-$84 million eminyakeni emibili ngokwale nkontileka, nokuyimali esiphindeke kabili emalini abeyihola ngaphambilini.

Esitatatimendeni iBoca ibonge uTevez ngeqhaza lakhe kuleli qembu, njengoba evalele enetheni amagoli angu-25 emidlalweni engu-56 okubalwa namagoli amabili awashaya bedlala nezimbangi zabo ezinkulu, iRiver Plate.

Leli qembu lithi lo mdlali ushiye abalandeli baleli qembu nemizuzu abangasoze bayikhohlwa kanti futhi bayohlala njalo bephupha ngokubuya kwakhe.

Ukuya kwaTevez kuleli qembu laseChina kwandisa isibalo sabadlali baphesheya, ikakhulukazi abaseSouth America abaya kodlala eChina ngoba bethenjiswa izizumbulu zemali. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...