UTeko uthi bafuna ukuzibutha zonke izinkomishi kule sizini

2016-10-01 13:33

Johannesburg – Umdlali wasesiswini kuMamelodi Sundowns, uTeko Modise, uthi amaBrazilians afuna ukuqoqa zonke izinkomishi kule sizini, kanti azoqala ngeye-MTN8 namhlanje. 

ISundowns inethemba lokuthola inkomishi yesine kumasizini amathathu uma isibhekene neBidvest Wits kowamanqamu e-MTN 8 eMbombela Stadium., kubika iSoccer Laduma.

Lo mdlali ongumakadebona utshele izintatheli ukuthi baningi abadlali abasebancane eqenjini abadinga ukukhuthazwa uma kuyiwa emidlalweni yamanqamu.

OLUNYE UDABA: IDowns seyihlanze ngedela ngePSL

"Sifinyelele emidlalweni yamanqamu emibili evikini elilodwa, kanti lokho kusho ukuthi kumele sibagqugquzele abadlali abasebancane,” kusho uModise.

"Siyazi sonke ukuba ibaluleke yomibili le midlalo, owe-MTN 8 ne-CAF Champions League. Sifuna ukuyithatha le nkomishi namhlanje, bese siqinisekisa ukuthi nalezi ezinyen siyazithatha zonke,” kusho uModise.

Kula masizini amathathu edlule iSundowns isinqobe iligi, iNedbank Cup neTelkom Knockout.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...