UTeboho Moloi uyaziqhenya ngabafana bakhe

2017-09-21 14:00

Johannesburg - UTeboho Moloi oyibamba likamqeqeshi kwiChippa United ugculisekile ngendlela elenza ngayo iqembu, ngemuva komdlalo wesibili ethathe izintambo.

Ngaphansi kwesandla sikaMoloi, iChippa isithathe amaphuzu amabili kwayisithupha kwebingawathola, ngemuva kokudlala ngokulingana nePlatinum Stars kanye neSuperSport United.

Leli qembu elizinze ePort Elizabeth lilele endaweni yeshumi kwilogi ye-Absa Premiership.

Kulandela ukubambana ngo-1-1 neSuperSport ngoLwesibili, uMoloi ushayele ihlombe iChippa ngendlela edlale ngayo.

OLUNYE UDABA: Ugculisekile umqeqeshi wePirates ngendlela abadlale ngayo

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngalaba bafana. Sisajime kabili nabo ngokwanele, kodwa abakwenzile kuyamangalisa,” kusho uMoloi kwi-website yeChippa.

IChippa emdlalweni olandelayi izobhekana neBloemfontein Celtic eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto.

“Siligcina kahle ibhola, kodwa singenza okungcono ngendlela esishesha ngayo nebhola. Sizobuyela ePort Elizabeth nokuyilapho sizoba nezinsuku ezimbalwa zokujima ngaphambi komdlalo wangeSonto neCeltic,” kusho uMoloi.

 - KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...