Usuzodlalelwa eThekwini oweChiefs ne-Ajax

2017-11-14 14:00

Johannesburg - IKaizer Chiefs isikuqinisekisile ukuthi umdlalo wayo ne-Ajax Cape Town ngenyanga ezayo ngeke usadlalelwa eGoli njengokuba bekuhleliwe.

Amakhosi azobhekana ne-Ajax ngoDisemba 16 emdlalweni wayo okulindeleke kube ngowokugcina onyakeni ka-2017, futhi obekulindeleke udlalelwe e-FNB Stadium ngo-20:15.

OLUNYE UDABA: Kuputshuka olwezinkinga ekhempini yeDowns

Nakuba isikhathi nosuku kungashintshanga, iChiefs imemezele namhlanje ekuseni ukuthi lo mdlalo usuzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

Abafana bakaSteve Komphela bazobe befuna ukuqeka kahle inyaka kulandela ukungayiqali kahle neze isizini.

IChiefs isidlale imidlalo emihlanu ingahlulwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...