USuthu luthi inzima impilo ehlathini

2015-11-20 13:32

Durban – AmaZulu anethemba lokunqoba umdlalo wawo uma esebhekene neSantos e-Athole Stadium, njengoba ezwakalise ukuthi akulula kuNational First Division.

Leli qembu laseThekwini liyithola inzima impilo ku-NFD, njengoba lihleli endaweni yesikhombisa namaphuzu angu-18 emidlalweni engu-11.

OLUNYE UDABA: INGOSI: AmaZulu ayangiphoxa, angamagwala

Ukaputeni uRobyn Johannes uyavuma ukuthi i-NFD ayibaphethe njengoba babelindele.

Kepha lo mdlali, 29, uthi bazimisele ukubhincisela nganxanye ezikaZeca Marques.

“Sasingalindele ukuthi kuzoba bukhuni kangaka ku-NFD, kepha kuseyingxenye yokufunda njengoba sisazama ukujwayela ukudlala kulesi sigaba.

“Ngeke ube lula umdlalo wethu neSantos,” esho.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...