USuthu luqinise isikwati ngomgadli weChippa

2017-08-25 12:32

Durban - Ikilabhu yaKwaZulu-Natal, AmaZulu, isimemezele izindaba zokusayinisa umgadli weChippa United uRhulani Manzini, nezokuthi u-Ayabulela Konqobe yena usejoyine iChippa.

Umgadli weChippa ungowakamuva ukusayina inkontileka noSuthu njengoba luqhubeka nokwakha kabusha isikwati salo ngemuva kwesizini edlule ebenzima kakhulu kwi-NFD abaqede kuyona belele endaweni yesine.

“Ikilabhu iqinise phambili ngomgadli weChippa United, uRhulani Manzini, osayine inkontileka yeminyaka emithathu,” ngokwesitatimende soSuthu kwi-website.

“Njengoba samukela lo mgadli oneminyaka engu-29 ubudala , umdlali wasemuva u-Ayabulela Konqobe, 22, uzolibhekisa kule kilabhu ezinze ePort Elizabeth ngemuva kwesivumelwano sokushintshisana.”

OLUNYE UDABA: ISuperSport Unied isayine isiqongqwane sesitobha

Imenenja yoSuthu, uLunga Sokhela, ikholelwa ukuthi uManzini ungumdlali ozofike angene athi khaxa esikwatini soSuthu.

Uthe bayamamukela uRhulani futhi bamfisela okuhle kodwa uKonqobe.

UManzini, ophazanyiswe ukulimala ngesizini edlule, ushaye amagoli angu-9 emidlalweni engu-16 kwiChippa ngesizini edlule, kubika iKickOff.com.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...