USuthu lugxeke amahlebezi 'ngeBhele'

2018-01-04 09:32

Johannesburg - AmaZulu asegxeke imibiko ethi uSiyabonga Nomvethe akeneme ngokungalitholi njalo ijezi ngaphansi komqeqeshi uCavin Johnson nokuthi lokhu sekudale uqhekeko ekilabhini.

Lo mdlali oneminyaka engu-40 ubudala – onerekhodi lokushaya amagoli amaningi kwi-PSL,120, - wagcina ukudlala engena ngesiwombe sesibili bedlala neCape Town City ngoDisemba 15 eCape Town Stadium kanti lowo kwakungumdlalo wakhe wesi-8 kule sizini.

Amanye amahlebezi athi uNomvethe ukhulume nabanye babalandeli ebagqugquzela ukuba bazame ‘ukuxoshisa’ uJohnson.

USuthu lube selubiza isithangami sabezindaba eThekwini ngoLwesithathu luveza isithombe sobumbano eqenjini.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umdlali ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi

Imenenja yekilabhu uLunga Sokhela ithe isizathu sokuba abize isithangami yingoba lolu daba luhlanganisa nomunye wabadlali abaqavile kuleli, umdlali onerekhodi elihle obalulekile futhi kumaZulu.

UNomvethe uthe amampunge wodwa lawa futhi naye wamangala ezwa lamahlebezi, washo nokuthi uyamhlonipha uJohnson.

UJohnson yena uthe izinto ezazibhaliwe ngalolu daba zingamanga.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...