USuthu lufuna ukwenza okwehlukile uma selubhekene neChiefs

2017-11-20 14:02

Durban - AmaZulu azimisele ngokuqoqa amaphuzu amathathu uma esebhekene neKaizer Chiefs kuleli sonto, njengoba isiqhubeka imidlalo ye-Absa Premiership.

IChiefs izovakashela uSuthu KwaZulu-Natal ngemuva kokushaywa yiBidvest Wits emqhudelwaneni weTelkom Knockout ngempelasonto edlule.

Ngesikhathi la maqembu egcina ukuthola phezulu ngenyanga edlule emqhudelwaneni weTelkom Knockout, iChiefs yehlula uSuthu ngo-3-0 eMoses Mabhida Stadium, nokwenza uMbongeni Gumede, ongumdlali wasemuva woSuthi, afune ukuba benze kangcono kulokhu.

OLUNYE UDABA: Umnikazi weChiefs usinde ehlaselwa 

“Sazenzela phansi sibhekene neChiefs emdlalweni womkhumulajezi. Ngokwami ukubona, asibozanga kuloya mdlalo. Sabanebhadi nje kwaphela. Bashaya amagoli amababili angena ngemuva kokushayisana kwabanye abadlali. Sabanamathuba amaningi kodwa sangawasebenzisa.

“Lona kuzoba umdlalo owehlukile. Sidlalela amaphuzu. Ngiwulangazelele lo mdlalo. Leli yithuba lethu lokulungisa izinto. Ngikholelwa ukuthi sizothola umphumela omuhle ngoba sidlalela ekhaya,” kusho uMbongeni Gumede kwi-website yoSuthu.

Umdlalo uzoba seKing Zwelithini Stadium ngomhlaka-22 kwephezulu, kanti kulindeleke uqale ngo-19:30. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...