'USuthu ludlala kahle kabi ukuthi lungagawulwa yizembe'

2017-12-22 12:32

Johannesburg - Umqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson uthi ngokubona kwakhe ezakhe zidlala ibhola elihle kakhulu futhi zizokwazi ukuhlala ku-PSL, wathi ngeke baze balubhade ehlathini.

Ngemuva kokubuyela kwi-Absa Premiership kulandela ukuqeda besendaweni yesihlanu kwiNational First Division ngesizini eyedlule, uSuthu luzame ngakho konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi luhlala kulesi sigaba esiphezulu njengoba lunamaphuzu angu-15.

Nokho ukudlala ama-draw amane nokuhlulwa imidlalo emibili emidlalweni eyisithupha yokugcina kubeke le kilabhu yaKwaZulu-Natal endaweni ka-13 kwilogi, ishiya iWits esemsileni ngamaphuzu amane.

Yize kunjalo, umqeqeshi wamaZulu uthi iqembu lakhe ngeke liye ehlathini.

OLUNYE UDABA: USuthu lufuna ukwenza okwehlukile uma selubhekene neChiefs

“Ngicabanga ukuthi ezami zidlala kahle kakhulu ukuthi zingagawulwa yizembe," esho, kubika iKickOff.com.

"Sengikushilo lokho, kuminyene utshumo kwiligi kulo nyaka ngoba umdlalo owodwa noma emibili ingenza umehluko omkhulu kanti lokho kuyakhathaza kakhulu uma ubheka indawo esihlezi kuyona njengamanje.

“Anginakungabaza kodwa ukuthi sizogcina sifinyelelile phezulu."

UJohnson uthi abadlali bakhe kuzomele bakhuphule amasokisi uma befuna ukwenza kangcono ngesigaba sesibili sesizini.

USuthu luzovula unyaka ka-2018 ngomdlalo walo neChippa United ngomhlaka-7 Januwari.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...