Usule isigubhukane umqeqeshi welePSL okhonjwa ku-United

2017-06-08 09:30

Cape Town - ICape Town City isimemezele ukuthi i-Eric Tinkler usesulile njengomqeqeshi waleli qembu eligijima kuPremiership ngemuva nje kwesizini eyodwa.

Lo mqeqeshi owayeqeqesha i-Orlando Pirates wasayina inkontileka yeminyaka emibili namaCitizens ngethemba lokugcina le kilabhu idlala esigabeni sePremier Soccer League (PSL) ngesizini yayo yokuqala selokhu yabunjwa.

OLUNYE UDABA: Iqembu lePSL seliqashe owayeqeqesha iPirates

Ukwesula kukaTinkler kuthuse abaningi njengoba enze okwakungalindelekile ehola amaCitizens aze athatha isicoco seTelkom Knockout Cup waphinde waqeda esendaweni yesithahtu kuligi.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-46 ubudala kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomqeqeshi omusha weSuperSport United ngoLwesine, mhlaka-8 kuJuni.

Khonamanjalo, iCity isiqinisekise ukuthi izomemezela ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo ukuthi kuzoba ngubani umqeqeshi omusha waleli qembu.

Zifundele isitatimende seCity ngokushiya kuka-Eric Tinkler ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...