USukazi uqinisekise ukuthi uKhuzwayo usajabule kwiChiefs

2017-11-09 18:00

Cape Town - Lowo obhekelele umsebenzi kanozinti weKaizer Chiefs uBrilliant Khuzwayo, uTim Sukazi, useyiphebezile imibiko ethi ikhasimende lakhe lizimisele ngokuzishiya lezi zinkunzi zaseSoweto uma kuphela inkontileka yakhe.

UKhuzwayo, 27, usesizinini yesihlanu kule kilabhu kusukela ayijoyina evela kuMaZulu kanti kamuva kunemibiko ezungezayo ethi lo nozinti usefuna ukushiya leli qembu elizinze eNaturena uma kuphela le sizini.

Njengoba inkontileka yakhe isalelwe yizinyanga eziyisishiyagalombili, iCape Town City ingelinye lamaqembu ayamaniswa nalo mdlali obethola ijezi uma u-Itumeleng Khune engekho epalini.

"IChiefs ifuna siqale izingxoxo," esho etshela i-IOL. "Bafuna ukugwema isimo lapho uBrilliant kungase kufike ekutheni aqale izingxoxo namanye amaqembu, njengoba inkontileka yakhe iphelelwa yisikhathi ngomhlaka-30 Juni 2018.

OLUNYE UDABA: I-Iron Duke nendesheni kuMotaung ngoKhuzwayo

"Lokho kusho ukuthi ngoJanuwari usengaqala ukuxoxisana nanoma yiliphi iqembu alifunayo."

USukazi uthe umbhalo kaKhuzwayo wakamuva obonakale kuTwitter othi: "Kwesinye isikhathi ukuzikhandla akwanele uma vele ungekho sezinhlelweni," ubungakhulumi ngesimo sakhe kuMakhosi.

"IChiefs ifuna ukuphothula izingxoxo ngaphambi kokuphela kukaDisemba. Abantu bawuthathe ngesinxele umbhalo kaKhuzwayo kuTwitter. Yena usajabule kwiChiefs, futhi neChiefs isajabule ngaye.

"UBrilliant wayebhekise kwezinye izinto ezingaxhumene nebhola. Wayengazami ukuveza ukuthi akanelisekile kwiChiefs. Ngakhuluma naye ngemuva kwalowa mbhalo waqinisekisa ukuthi usajabule eNaturena."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...