USteven Piennar ufuna ukwenzisa okukaMcCarthy esadlalela iPirates

2017-08-18 11:01

Johannesburg - Umdlali omusha weBidvest Wits uSteven Pienaar ufuna ukwenzisa okwalowo owayengumgadli weBafana Bafana uBenni McCarthy, owanqoba izinkomishi ezintathu ne-Orlando Pirates ngemuva kokuya e-Europe.

UMcCarthy, osengumqeqeshi weCape Town City manje, washiya iWest Ham United wazosiza iBhakabhaka ukuba lithathe izicoco ngesikhathi eseMayfair ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi ngoJuni 2013.

Lo mdlali oke wagijima kakhulu kwi-Everton, uPienaar, ukholelwa ukuthi naye angakwenza lokho kwiBidvest Wits, kubika iKickOff.com.

"Kuyinto eyaziwayo, wabuya wenza kahle kakhulu. Wanqoba zonke izinkomishi ezikhona,” kusho uPienaar, ogcine edlalela iSunderland eNgilandi.

OLUNYE UDABA: UDoctor Khumalo unikwe isikhundla yiqembu le-PSL

"Ngokwami yizinga engifuna ukufika kulona lelo kodwa ngeke kubelula. Angifuni kodwa ukufaniswa naye, wayedlalela iqembu elisezingeni bawina beqeqeshwa ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu.

"Kodwa nathi sineqembu elisezingeni elihle impela futhi siyethenga ukuthi sizokwazi ukwenza okufanayo.”

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ufuna ukwenza okungcono kakhulu ngokuthi ehlule uMcCarthy njengoba iCity neWits bezotholana phezulu eBidvest Stadium namhlanje ngo-20:00.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...