'USteve Komphela wenza umsebenzi omuhle kwiChiefs'
2018-03-29 16:00
Johannesburg - Ibamba likamqeqeshi weBaroka FC uMacDonald
Makhubedu uthi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uyidlalile indima
yakhe, ngakho akumele kusolwe yena ngokwehluleka kwezakhe ukushaya amagoli.
UMakhubedu, ongakehlulwa namanje selokhu ebanjiswe kwesokuba
umqeqeshi, ukholelwa ukuthi uKomphela wenza umsenbenzi ongcono kakhulu
kunangesizini edlule.
OLUNYE UDABA: I-United ifuna ukuqeda kwi-top 8
IChiefs unodonga oluqinile emuva uma kuqhathaniswa namanje
amaqembu ku-PSL, kodwa iyehluleka ukushaya amagoli anele.
Uthi iChiefs kayikorelwa kakhulu kodwa nabo ngokunjalo kabakorelwa
kakhulu. Nakuba kunjalo , akukho ukuthi bazodlala umdlalo obhorayo.
“Banabagadli abasezingeni abafana [noBernard] Parker kanye [noLeonardo]
Castro. Kuzoba umdlali onzima.”
- News24