USingh uthi akumthusanga ukubizwa kwiBafana Bafana

2017-03-14 14:00

Johannesburg - Umgadli obizwe okokuqala eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, uLuther Singh,  ukuthatha njengomklomelo ukubizwa kuBafana Bafana kanti futhi uthi ukulangazelele ukuhlangana nabanye abadlali.

USingh ubizwe okokuqala eqenjini lesizwe ngu-Owen Da Gama ngeledlule, kulandela ukudlala kahle kwakhe eqenjini laMajita emqhudelwaneni we-CAF Youth Championships obuseZambia.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala kuphele umqhudelwano enamagoli amane emidlalweni emihlanu.

Lo mdlali ongowokuzalwa eNoorgesig ujoyine iqembu lasePortugal iBraga ngasekuqaleni konyaka.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshu uphebeza amahlebezi ngeBafana

"Kufezeke iphupho lami lokudlalela iBafana. Angikaze ngizibone ngidlalela iBafana ngineminyaka engu-19 ubudala. Bengibheke ukuthi lokhu kwenzeke okungenani sengineminyaka engu-21 ubudala," kusho uSingh etshela izintatheli ngesikhathi bebuya eLusaka ngoMsombuluko.

"Kodwa futhi ngisebenze ngokuzikhandla, ngakho angimangali.”

IBafana izobhekana neGuinea-Bissau kanye ne-Angola emidlalweni yobungani ngasekupheleni kwenyanga.

-KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...