USikhakhane uncoma iqembu lonke ngokubuya kweThanda

2017-05-04 09:31

Johannesburg  - Umqeqeshi weThanda Royal Zulu uRoger Sikhakhane uthi amaBhubesi awezile ukuzokwengeza isibalo nje ku-Absa Premiership, kubika iKickOff.com.

IThanda inqobe isicoco seNational First Division (NFD) ngemuva kokushaya iStellenbonch ngo-2-1 eMhlathuze Sport Complex ngoLwesithathu, ngaleyo ndlela yanyukela esigabeni esikhulu se-PSL.

Amagoli avalelwe phakathi nguKhotso Malope noMichael Gumede yiwona anqobise leli qembu laseKZN, nokuyinto eyenze uSikhakhane wancoma abadlali bakhe.

“Kuzobe kungenziwa ubulungiswa uma izincomo zonke zingathathwa yimina. Iqembu lonkana lifanelwe ukunconywa,” kusho umqeqeshi etshela iKickoff.com.

OLUNYE UDABA:  Udunguza ebumnyameni ngekusasa lakhe umdlali

“Abaphathi, abadlali kanye nethimba labaqeqeshi zibafanele izincomo ngokusebenza ngokuzikhandla. Kungumuzwa omnandi ukubuyela kwi-PSL kodwa usemningi umsebenzi okumele wenziwe ngoba sekungenye iligi manje.

"Nakuba kunjalo, kukodwa esinesiqiniseko ngakho - iThanda ayizile ukuzokwengeza izibalo kodwa izoncintisana.”

USkhakhane akafunanga ukuphawula ngamathuba okwengeza abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini elandelayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...