Ushaywe ngesithende uCaster Semenya kowezindondo

2017-11-06 16:00

Cape Town - Umsubathi wakuleli owaphula irekhodi lomhlaba lika-400m uWayde van Niekerk uphakanyiselwe kweye-2017 IAAF World Athlete of the Year award.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yi-IAAF ngoMsombuluko. 

UVan Niekerk igama lakhe liphakanyiswe kanye nelomsubathi waseBrithani ka-10 000m uMo Farah kanye nowenza i-high-jump uMutaz Essa Barshim

Nokho injabulo ayizange imfikele umgijimi wakuleli wesifazane oyingqwele ku-800m kuma-Olympic uCaster Semenya, njengoba igama lakhe lingazange livele kwabesifazane.

Esikhundleni salokho, emunxeni wabesifazane kuphakanyiswe igama lika-Almaz Ayana wase-Ethiopia ogijima ibanga elingu-10 000m, owaseGreece u-Ekaterini Stefanidi ongumpetha we-pole vault kanye noNafissatou Thiam ongumpetha emidlalweni eminingi eyehlukene.

Abazonqoba bazomenyezelwa ngomhlaka-24 Novemba emcimbini ozobanjelwa eMonaco.

Khonamanjalo, uVan Niekerk kulindeleke ukuba ahlale ingxenye yonke yonyaka ozayo engasubathi aphinde aphuthwe ngamaCommonwealth Games kulandela ukulimala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...