Ushanele inqwaba yezindondo uTshabalala emcimbini weChiefs

2017-06-02 09:31

Cape Town – IKaizer Chiefs ibambe umcimbi waminyaka yonke wokuklomelisa abadlali bayo ngezindondo ngeqhaza labo kwisizini ka-2016/17.

Lo mcimbi ubungoLwesine e Kyalami, eGoli, kanti ubuhanjelwe abadlali beChiefs (abadala nabancane), ithimba labaqeqeshi, ithimba labaphathi, abaxhasi kanye nezinye izinhlaka ezibambe iqhaza ekwakheni isithombe esihle seChiefs.

“Kubalulekile kwikilabhu ukubuyekeza nokuqaphela okugqamile kwisizini bese sikhombisa ukubonga kubona bonke ababeyingxenye ekuqhubekeni nokubamba iqhaza emlandweni onothile wesikhungo,” kusho uSihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung ku-website yale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Iqembu lePSL selidedele abadlali abane

Uthi yize noma bebe nesizini engeyinhle kodwa kubalulekile ukuthi bafunde “ngemuva kwemiphumela ephoxile ngoba izosisiza ukuphendla indlela yempumelelo ngesizini ezayo”.

Kulobu busuku, umdlali weChiefs ogijima esiswini uSiphiwe 'Shabba' Tshabalala uqokwe njengePlayer of the Season.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudalala ulekelele iChiefs ngezikhathi ezinzima okubalwa nokushaywa kwamagoli abalulekile. Le ndondo ibihambisana nesheke lika-R100 000.

Lokhu bese kungokwesithathu uTshabalala ewina indondo ye-Player of the Season  eminyakeni yakhe eyishumi ekuma-Glamour Boys. Ngaphezu kwalokho uphinde wawina nendondo yeTop Goalscorer kwisizini ka-2016/17 ngamagoli akhe angu-8 emiqhudelwaneni, waphinde wathatha neyeFans Player of the Season neyeGoal of the Season.

Indondo yePlayer’s Player of the Year iwinwe uRamahlwe 'Rama' Mphahlele. Uphinde wahlabana nangemoto entsha ceke yohlobo lweToyota RAV4 nazoyishayela izinyanga ezingu-12.

Ngaphezu kwalokho, uRama uphinde wahlabana nangendondo ye-2016/17 KC Online Playerkanye neyeFair Play.

UHLU OLUPHELELE LWABAWINE IZINDONDO:

Player of the Season: Siphiwe Tshabalala (R100 000)

Fans Player of the Year: Siphiwe Tshabalala (R50 000)

Fair Play Award: Ramahlwe Mphahlele (R20 000)

Top Scorer: Siphiwe Tshabalala (eight goals in all competitions)

Goal of the Season: Siphiwe Tshabalala vs Free State Stars  (R20 00)

Online Player of the Season: Ramahlwe Mphahlele (R25 000)

Most Improved Player: Edmore Chirambadare (R30 000)

Players' Player of the Season: Ramahlwe Mphahlele

Player of the Month awards:

- Lorenzo Gordinho (August, September, October)

- Ramahlwe Mphahlele: (November and May)

- Bernard Parker (December)

- Joseph Molangoane: (February and March)

- Siphiwe Tshabalala (April)

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...