Usexolisile uKhune ngokugxeka ozakwabo kuChiefs

2017-05-10 09:31

Cape Town – Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune usekhiphe isixoliso ngemuva kwalokho okubukeke njengokugxeka ozakwabo kulandela ukubambana ngo-1-1 neLamontville Golden Arrows.

Kulo mdlalo iChiefs yangenelwa yigoli elavalelwa phakathi uKnox Mutizwa ngomzuzu ka-93 nokwaqinisekisa ukuthi lama qembu abelana ngamaphuzu kulo mdlalo owawusenkundleni yezemidlalo iFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ebusuku.

Ngemuva nje kwemizuzwana kungene leli goli – uKhune wabonakala kumabonakude engathi ugxeka ozakwabo abadlala emuva ngokungena kwaleli goli  ngokuthi athi akuyena obe sephutheni.

OLUNYE UDABA: UKhune uthathane nabalandeli kuTwitter ngomphumela weChiefs

Ngemuva kwalokho uKhune ube esethathana nabanye babalandeli kuTwitter ngemuva kokuphendula abalandeli ababenganeme ngokuziphatha kwakhe kulandela ukudlala ngokulingana kweChiefs ibhekene neGolden Arrows.

UKhune wabe esefaka umbhalo (retweet) owabhalwa ngomunye wabalandeli nowawuthi: “Akasiyena ohamba phambili eNingizimu Afrika mahhala, kodwa ngicabanga ukuthi abanye bozakwabo abekho ezingeni elifana nelakhe!”

Kodwa-ke Manje uKhune usebhale isixoliso kuTwitter, wathi: “Ngiyaxolisa ngokuthumela le mibhalo kuTwitter futhi ngingathanda ukuxolisa kakhulu kubona bonke abalandeli abaphatheke kabi”.

Zifundele lo mbhalo owasusa umsindo kanjalo nesixoliso sikaKhune lapha:

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...